
I-UKZN Ihlabene ngeGolide Emlandweni Ewenzele isiFundazwe
Click here for English version
Iqembu lezemidlalo ye-Volleyball lase-UKZN lihlabene ngeyegolide emncintiswaneni kazwelonke we-Volleyball owaziwa ngele-National Volleyball South Africa (VSA) Club Championships 2022; nokube ukuqopheka komlando esifundazweni saKwaZulu-Natali kanye neNyuvesi.
UMqeqeshi weqembu, uMnu Marci Harold weqiwe yinjabulo wabe esencoma kakhulu iqembu ngokuqopha umlando. ‘Bonke bangabadlali abazimisele nabagqugquzelanayo ukuba omunye nomunye adlale kangcono kakhulu… yingakho sithole igolide. Basebenza ngokuzikhandla nangokuzimisela kakhulu bejimisa imizimba yabo kanti nekhono labo lokudlala liphezulu kakhuli.’
U-Harold uthe imfihlo yokunqoba kwaleli qembu isekuzithembeni komdlali ngayedwana kanjalo nokuthemba ozakwabo eqenjini. ‘Bebazi ukuthi umdlali nomdlali usezingeni lokumela noma ngabe uluphi uhlobo lwenselelo kulo mdlalo.
‘Ngicabanga ukuthi lokhu kube wukunqoba kwami okukhulu kunakho konke. Kuze kwabiza ukuthi ngithole imiyalezo engibongelayo ngokunqoba eqhamuka ezindaweni ngezindawo ukuze ngibone ububanzi balokhu kunqoba. Bengingazi ukuthi siyiqembu lokuqala labesifazane kulesi sifundazwe ukuba sinqobe lo mncintiswano. Kwakhona lokho nje ukwazi ukuthi kube yiqembu lami elihlomula ngalokho kuvele kwangithobisa - kube yinto emnandi kakhulu,’ usho kanje.
Ngesikhathi edlulisa umyalezo wakhe eqenjini elinabafundi base-UKZN, asebagogoda, kanye namalunga omphakathi, uKapteni weqembu nowathweswa iziqu e-UKZN, uNksz Reyanka Kisten uthe: ‘Kubalingani bami kanye nethimba labaqeqeshi, nonke seniphenduke umndeni. Ngidlalele leli qembu le-Volleyball lase-UKZN kusukela ngonyaka wezi-2017, kodwa ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi unyaka wezi-2022 uyisiqalo sezinto ezinkulu. Lona ngunyaka ‘wokuqhubekela phambili’, asisabuyeli emuva njengoba sesiqoba kwasani elethwa phambi kwethu siyiqembu.
‘Siyiqembu eliphila ngokungazisoli nokuthi kumele uhlale ukhumbula ukuthi awuwedwa enkundleni uma sekudlalwa. Ngidlalela wena nawe udlalela mina. Laphoke awuhlomuli nje ngokuthatha inhliziyo yami kuphela kodwa nangezinhliziyo zabanye abaningi ngokuthi ube nentshisekelo yokwenza izinto ezinkulu njengoba neNyuvesi yenza nje. Njengoba nomqeqeshi esho nje nami ngisho njengaye, omunye nomuye kini, ‘niyibekile induku ebandla’. Ngithanda ukubonga umuntu ngamunye kinina, iphupho lethu belingeke lifezeke. Ukuba wuKapteni wenu kuze kube manje kuyangithobisa kakhulu. Nginethemba lokuthi ngizonenza ngiziqhenye ngani njengalokhu ngiziqhenya nami ngani, ngiyohlezi nginilwela njalo. Le ndebe ingumklomelo wempilo yethu yonke futhi senze nomlando, manje sekuyisikhathi sokwenza umlando omningi ngakho ngithi ASAMBENI!
U-Kisten, oneziqu ze-BCom Honours in Supply Chain Management azithole khona e-UKZN, ubonge uMqeqeshi Harold ngokuba ‘umgogodla weqembu’ nokuthi abalekelele ekutheni badlule kunoma ngabe yini enzima ababhekene nayo. ‘Into ebe yinselelo kakhulu kithina badlali ngesikhathi sokuziqeqesha bekuwukulwisana nokungazethembi. Sasidlala ngokungazethembi kodwa uMqeqeshi wethu, u-Merci Harold, ugxishe kakhulu ukuzethemba kithina njengabadlali. Ukudlula kulobu bunzima kusilekelele kakhulu ekutheni sikhiphe unyawo ngekhono lethu enkundleni futhi nenkundla ivele yaba mnandi - sadlala ngezinga esingakaze sidlale ngalo ngaphambilini. Lokhu kube wuguquko oluhle eqenjini lethu.’
U-Harold, ophinde abe abeNgumqeqeshi omkhulu weqembu le-SAPS National Male Volleyball, ubeke la mazwi eqenjini lase-UKZN: ‘Qhubekani nilwe, qhubekelani phambili, nisebenze kanzima. Wonke umuntu ufuna ukushaya ompetha, ngakho-ke izinga lethu kumele lihlale liphezulu. Ukufika phezulu kuyinto enzima, kodwa ukuhlala uphezulu kuyinto enzima kakhulu.’
Oyimenenja yezemidlalo e-UKZN, uMnu Mark Bashe, ubongele iqembu ngokuphakamisela ifulege leNyuvesi phezulu: ‘Lona ngumklomelo onomlando ngeqembu lase-UKZN labesifazane le-Volleyball ukuba babizwe ngompetha baseNingizimu Afrika. Siyaqhubeka nokugqugquzela abafundi besifazane ukuba babambe iqhaza kwezemidlalo futhi beyoqhudelana. Kuhle kakhulu ukubona labo abaqhuba izifundo zabo ngomfundaze wezemidlalo wase-UKZN ukuthi sebesebenze kakhulu kangakanani ukuze bahambe ibanga elide kangaka. Sizoqhubeka silekelele iqembu lethu njengoba lilungiselela ukuyodlala kwi-Southern Africa Volleyball Championships ezobanjelwa ezweni laseZambia ngoZibandlela wezi-2022.’
U-Harold ubonge ithimba lezemidlalo lase-UKZN ngokumnika ithuba lokuba aqeqeshe abesifazane abadlala i-Volleyball nakuchaze njengokuthi kuyamangalisa. Bawujabulise kakhulu umoya wami othanda i-Volleyball futhi ngifuna ukubabonga ngokungikhuphula kangaka. Siphinde sibe ne-Technical Team umsebenzi wabo ogqame ngohlobo olumangalisayo… uNkk Roshnee Naicker obuya kwa-UKZN sport, uNkk Shaheen Moodley kanye no Nkk Joelene Moodley, iziMenenja zeqembu kanye nabo bonke ababambe iqhaza kule mpumlelo, ngiyabonga. Siphinda sibe nabazali abaseseka ngohlobo olumangalisayo okumele sibabonge.
‘Ngifisa ukubalula ngokukhethekile uKapteni Reyanka, ongumdlali kanye nomholi osezingeni eliphezulu ngaphathi kanjalo nangaphandle kwenkundla. Omunye futhi ngu-Busisiwe Maposa, nongumdlali osemnkantshubomvu kunabo bonke. Ube nomqhudelwano onamandla! Ngijabulela ukuthi sibe yiqembu lokuqala ukwenza lokhu nokuthi sijabulise abantu abaningi kangaka. Ngiyathemba ukuthi abadlali bami bayaqonda ukuthi ngiziqhenya kakhulu kangakanani ngabo,' uphawule kanje.
Amazwibela alomncintiswano afaka phakathi lezi zindondo:
• i-Best Setter – u-Buhle Khuzwayo
• i-Best Blocker – u-Carla Parsons
• i-Best Defensive – u-Keshnee Moodley
Iqembu labesilisa nalo lidlale kahle kakhulu, baqhubeke baze bafika kuma-Semi Final womncintiswano nokubabeke kumaqembu amane ahamba phambili ezweni lonke.
Amagama: ngu-Raylene Captain-Hasthibeer
Isithombe: Sithunyelwe